UEksodusi 4:16 - IsiZulu 2020 Nguye ozokukhulumela kubantu; uyakuba ngumlomo wakho, wena ufane nonkulunkulu kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakukukhulumela kubantu, abe ngumlomo kuwe, wena ube njengoNkulunkulu kuye. Contemporary Zulu Bible 2024 Yena uyakuba ngumkhulumeli wakho kubantu, abe, yebo, abe ngawe esikhundleni somlomo, wena ube ngowakhe esikhundleni sikaNkulunkulu; |
Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu;
U-Aroni wawakhuluma wonke amazwi uSimakade ayewakhulume kuMose, wenza nezibonakaliso phambi kwabantu.
UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBharukhi umbhali, indodana kaNeriya, waloba kuwo wonke amazwi encwadi akhulunywa nguJeremiya, wonke amazwi omqulu uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayewushise emlilweni. Kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawakuqala.