USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.
UEksodusi 34:3 - IsiZulu 2020 Akuyukukhuphuka muntu nawe, futhi makungabonakali muntu entabeni yonke, kungaklabi ngisho izimvu, izimbuzi nezinkomo phambi kwaleyo ntaba.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.” Contemporary Zulu Bible 2024 Makungabikho muntu akhuphuke nawe, futhi kungabonakali muntu kuyo yonke intaba; futhi izimvu nezinkomo zingadli phambi kwaleyo ntaba. |
USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.
Akuyukuba bikho muntu ethendeni lokuhlangana kusukela ngesikhathi angena ngaso ukuyokwenza ukubuyisana endaweni engcwele kuze kube yisikhathi aphuma ngaso; esezenzele yena ukubuyisana nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.
Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ngumuntu uKhristu uJesu,
ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi: “Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe.”