Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UEksodusi 27:2 - IsiZulu 2020

Uyokwenza izimpondo zalo emakhoneni omane alo, izimpondo zalo zibe yinto eyodwa ne-althare, ulicake ngethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uzakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane; izimpondo zakhe kumelwe zibe munye; futhi kumelwe ulimboze ngethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UEksodusi 27:2
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Adoniya, ngenxa yokwesaba uSolomoni, wasuka, wahamba, wayobamba izimpondo ze-althare.


Kuthe lapho ufika lo mbiko kuJowabe, ngokuba uJowabe wayelandele u-Adoniya nakuba ayengamlandelanga u-Absalomu, wabaleka waya ethendeni likaSimakade, wafika wabamba izimpondo ze-althare.


Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaSimakade, yanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, ngomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


Kepha i-althare lethusi elaliphambi kukaSimakade, yalisusa phambi kwendlu naphakathi kwe-althare nendlu kaSimakade, yalibeka ohlangothini olungasenyakatho lwe-althare layo.


Wakha i-althare lethusi: ubude balo bungamakhubhithi angama-20, ububanzi balo bungamakhubhithi angama-20, nokuphakama kwalo kungamakhubhithi alishumi.


USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.


Uyokwenza izitsha zalo zokubutha umlotha, amafosholo alo, izitsha zalo, izimfologo zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uyozenza zonke izimpahla zalo ngethusi.


Uyothatha ingxenye yegazi layo ulininde ngomunwe wakho ezimpondweni ze-althare, bese kuthi yonke ingxenye yegazi eliseleyo ulithululele phansi esisekelweni se-althare.


wenza ngalo izisekelo zesango lethende lokuhlangana, i-althare lethusi, inetha lethusi, nazo zonke izimpahla ze-althare,


Iziko le-althare lalingamakhubhithi amane, kusukela kulo kuya phezulu, kukhona nezimpondo ezine.


Uyakuphuma aye e-althare eliphambi kukaSimakade, alenzele ukubuyisana. Uyothatha igazi lenkunzi nelempongo, alibhece ezimpondweni ze-althare nxazonke.


Enye ingxenye yegazi uyolibheca ezimpondweni ze-althare eliphambi kukaSimakade, ethendeni lokuhlangana, athululele lonke igazi elisele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wethende lokuhlangana.


Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa.


Umphristi uyobheca ingxenye yegazi ezimpondweni ze-althare lempepho enephunga elimnandi elisethendeni lokuhlangana, phambi kukaSimakade: lonke igazi leduna eliseleyo uyolithululela esinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa, elisemnyango wethende lokuhlangana.


UMose wayihlaba, wathatha igazi walibheca ngomunwe wakhe ezimpondweni ze-althare nxazonke, walihlambulula i-althare, igazi eliseleyo walithululela esinqeni se-althare, walingcwelisa kanjalo ukuba alenzele ukubuyisana.


USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.


Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.