Uyokwenza izihibe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka emphethweni wekhethini lokuqala, kanjalo nasemphethweni wekhethini lesibili.
UEksodusi 26:5 - IsiZulu 2020 Uyokwenza izihibe ezingama-50 ekhethinini lokuqala, wenze futhi izihibe ezingama-50 nakwelesibili. Izihibe uyozenza ziqondane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakwenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge, wenze futhi izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili, ukuze izihibe zibhekane. Contemporary Zulu Bible 2024 Wenze izihibe ezingamashumi ayisihlanu engutsheni yetende eyodwa, wenze izihibe ezingamashumi ayisihlanu emphethweni wendwangu yetende esengeleni lesibili letende; ukuthi izihibe zingabambana zodwa. |
Uyokwenza izihibe ngokuluhlaza okwesibhakabhaka emphethweni wekhethini lokuqala, kanjalo nasemphethweni wekhethini lesibili.
Uyokwenza izinkintsho zegolide ezingama-50 bese amakhethini uwahlanganisa ndawonye ngezinkintsho, ukuze ithabanakeli libe lilodwa.
Benza izinkintsho ezingama-50 ekhithinini lokuqala. Benza nezinye ezingama-50 emphethweni wekhethini elihlanganisiweyo lesibili; amakhethini abhekana.