Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaSimakade asenza nokhokho lapho ebakhipha eGibhithe.”
UEksodusi 24:8 - IsiZulu 2020 UMose wathatha igazi wafafaza ngalo abantu, wathi: “Bhekani, leli yigazi lesivumelwano uSimakade asenze nani ngawo wonke lawa mazwi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.” Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, wathi: “Nanti igazi lesivumelwano uJehova asenza nani ngawo onke lawa mazwi. |
Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaSimakade asenza nokhokho lapho ebakhipha eGibhithe.”
Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezazibekwe khona nguMose eHorebhe, lapho uSimakade enza khona isivumelwano nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe.
UMose wathatha ingxenye yegazi walithela ezitsheni, kwathi enye wafafaza ngayo i-althare.
kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.
esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.
“ ‘ “Ngesikhathi ngiphinda ngidlula ngakuwe, ngakubuka; ngabona ukuthi usukhulile, usungathanda. Ngase ngendlala isembatho sami phezu kwakho, ngafihla ubunqunu bakho, yebo, ngafunga kuwe, ngenza nawe isivumelwano,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, waba ngowami.
Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.
UMose wathatha amafutha okugcoba, negazi elalise-althare, wafafaza ngalo u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe ayenawo lapho nezembatho zawo, wamngcwelisa u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe nezembatho zawo.
‘Izwi engavumelana nani ngalo mhla niphuma eGibhithe noMoya wami kuyakuhlala kunani, ningesabi.’
Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi.
ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono.
Kanjalo-ke wathabatha nendebe sebedlile, wathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.
Kanjalo, yathabatha nendebe emuva kokudla kwakusihlwa, yathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami; kwenzeni lokhu ngezikhathi zonke eniphuza ngazo, ukuba ningikhumbule.”
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,
Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?
Kepha uNkulunkulu wokuthula, owakhuphula kwabafileyo umelusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano saphakade, iNkosi yethu uJesu,
Ngakho-ke uJoshuwa wenza isivumelwano nabantu ngalolo lusuku, wabamisela izimiso nemithetho eShekemi.
abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.