UEksodusi 22:2 - IsiZulu 2020 Uma isela libanjwe ligqekeza, liyoshaywa lize life, akuyukuba nacala legazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma isela lifunyanwa lifohla, lishaywa, laze lafa, akukho gazi elichithwa phezu kwalo. |
Bayaxoshwa emphakathini, abantu bamemeza emva kwabo sengathi kusemva kwamasela.
Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,
“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.
Batheleka emzini, bagijime ogangeni; bakhuphukele ezindlini, bangulukudele ngamafasitela njengesela.
aficwe ngumphindiseli wegazi ngaphandle kwemingcele yomuzi wokuphephela, bese umphindiseli embulala umbulali, akayukuba nacala legazi,
Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe.
Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye.