“Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle.
UEksodusi 20:1 - IsiZulu 2020 UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi: Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi: |
“Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle.
“Nguye lowo owayesebandleni ehlane nengelosi eyakhuluma naye entabeni iSinayi kanye nokhokho, nowemukela amazwi okuphila ukuze aninike wona.
Waloba ezibhebheni njengalokhu kwakulotshiwe kuqala, imiyalelo elishumi uSimakade ayikhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uSimakade wanginika zona.
Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?
Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.
“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.