Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UEksodusi 2:6 - IsiZulu 2020

Kwathi lapho iwuvula yabona; bheka, kwakungumfana; wayekhala. Yamhawukela, yayisithi: “Lona ngomunye wezingane zamaHebheru.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Eseyivula, wabona umntwana, bheka, umntwana wayekhala. Wamhawukela kakhulu, wathi: “Lo ungomunye wabantwana bamaHeberu.”

Uka jalj uñjjattʼäta



UEksodusi 2:6
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

uthethelele abantu bakho abonile kuwe, nazo zonke iziphambeko zabo abaphambuke kuwe ngazo, ubenzele ukuba bathole isihe phambi kwababathumbileyo, babaphathe ngesihe,


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Wenza ukuthi bonke ababebathumbile babazwele.


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.


Udadewabo wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyokulandela umzanyana kwabesifazane bamaHebheru ukuba akuncelisele yona na?”


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


Isimemezelo sokuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, nesigqilakazi sakhe, umHebheru nomHebherukazi, ukuze kungabi bikho muntu ogqilaza umfowabo kwaJuda.


Eselahliwe, watholwa yindodakazi kaFaro, yazikhulisela yena, waba yindodana yayo.


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.