Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!” Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni.
UEksodusi 2:3 - IsiZulu 2020 Kuthe lapho engasakwazi ukuyifihla wayithatha wayifaka ebhokisini elaliphicwe ngekhwani, lahuqwa ngebhithumeni nekoliyati, walibeka emhlangeni owawusosebeni lomfula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Engasenakuyithukusa wayithathela ibhokisi lebungu, walihuqa ngebitume* nangekolitayi,* wamfaka umfana kulo, walibeka emhlangeni ngasogwini lomfula. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi engasakwazi ukumfihla, wamthathela umphongolo wemizi, wawumboza ngodaka nangekolitayi, wamlalisa kuwo umntwana; wayibeka emhlangeni ngasosebeni lomfula. |
Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!” Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni.
Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.
Wena zakhele umkhumbi ngezingodo zomgoferi, uwakhe ube namakamelo, uwubhixe ngebhithumeni ngaphakathi nangaphandle.
UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”
elithumela izithunywa ngolwandle, zintweze emanzini ngemikhumbi yomhlanga! Hambani zithunywa ezinejubane, niye esizweni sabantu abade abasikhumba sibushelelezi, abantu abesatshwa kude naseduze, isizwe esinamandla nezidlova; esizwe laso lihlukaniswe yimifula.
Imifula iyonuka, imifudlana eGibhithe iyoncipha, ishe, kubune umhlanga nebhuma.
Isihlabathi esishisayo siyophenduka ichibi, umhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi; ikhaya lezimpungushe liyophenduka ixhaphozi, utshani bube ngumhlanga nekhwani.
Kuthe sezihambile izazi; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona, ngize ngikutshele, ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuze ambulale.”
Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.
Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlukumeza okhokho ngokubaphoqa ukuba balahle izingane zabo zingaphili.