Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”
UEksodusi 17:3 - IsiZulu 2020 Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu bakhona bomele amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na? |
Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”
Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.
Ingxubevange yabantu yahamba nabo, imfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimbuzi, izimvu, nezinkomo.
Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na?
bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,
Niyiletheleni kuleli hlane inhlangano kaSimakade ukuba sizofela kulo, thina nemfuyo yethu na?