Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UEksodusi 16:1 - IsiZulu 2020

Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka e-Elimu laze layofika ehlane iSini phakathi kwe-Elimu neSinayi, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesibili bephumile eGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Basuka e-Elimi, inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UEksodusi 16:1
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.


Bafika e-Elimu, lapho kwakukhona khona imithombo eyi-12 yamanzi, namasundu angama-70, bakanisa lapho ngasemanzini.


Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka ehlane iSini lahamba ngezigaba, njengokuyala kukaSimakade. Lakanisa eRefidimi, kodwa kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.


Kwathi ngenyanga yesithathu emveni kokuphuma kwabantu bakwa-Israyeli eGibhithe, ngalo lolo lusuku, bafika ehlane iSinayi.