UJosiya waligcina iphasika likaSimakade eJerusalema. Balihlaba iphasika ngosuku lwe-14, ngenyanga yokuqala.
UEksodusi 12:6 - IsiZulu 2020 Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Lizawugcina kuze kube lusuku lwetshumi lane lwaleyo nyanga, njalo ibandla lonke lenhlangano yakoIsrayeli lizalihlaba kusihlwa. |
UJosiya waligcina iphasika likaSimakade eJerusalema. Balihlaba iphasika ngosuku lwe-14, ngenyanga yokuqala.
Abantu ababebuya ekuthunjweni bagubha uMkhosi wePhasika ngosuku lwe-14, ngenyanga yokuqala,
“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.
Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane.
Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 kusihlwa niyokudla isinkwa esingenamvubelo kuze kube kusihlwa ngosuku lwama-21.
Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka e-Elimu laze layofika ehlane iSini phakathi kwe-Elimu neSinayi, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesibili bephumile eGibhithe.
“Ngikuzwile ukukhononda kwabantu bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nizitike ngesinkwa; niyokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
Kwathi ngenyanga yesithathu emveni kokuphuma kwabantu bakwa-Israyeli eGibhithe, ngalo lolo lusuku, bafika ehlane iSinayi.
Uyonikela ngelinye iwundlu kusihlwa, uyolinikela nomnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo njengasekuseni, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.
Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.
“ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 enyangeni, niyakuba nephasika; umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo.
Ngenyanga yesibili, ngosuku lwe-14, kusihlwa; bayakuligcina balidle nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.
Kepha abaphristi abakhulu namalunga bazinxenxa izixuku ukuba zicele uBharabha, kodwa zimbulale uJesu.
Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”
Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.
Kepha abaphristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba sithi kungcono asikhululele uBharabha.
Isixuku sakhuphuka saya kuPilatu siyomcela ukuba asenzele njengalokhu ayejwayele ukusenzela.
Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.
“Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo,
Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.