Uma umndeni umncane kakhulu ukuba ungaqeda iwundlu, uyohlangana nomakhelwane ukuze uthole iwundlu; iwundlu liyakwehlukaniswa izingxenye ngokulingene abantu abayakulidla.
UEksodusi 12:5 - IsiZulu 2020 Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini; Contemporary Zulu Bible 2024 Iwundlu lakho kumelwe libe elingenasici, eliduna elinonyaka owodwa; uyakulithatha ezimvini noma ezimbuzini. |
Uma umndeni umncane kakhulu ukuba ungaqeda iwundlu, uyohlangana nomakhelwane ukuze uthole iwundlu; iwundlu liyakwehlukaniswa izingxenye ngokulingene abantu abayakulidla.
“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.
“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.
Ngalolo lusuku enizungezisa ngalo isithungo, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enonyaka; ibe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.
“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.
“Ungamhlabeli uSimakade uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici, enokuthile okubi, ngokuba lokho kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.
Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.
USawule wayesekhulakhulile ngesikhathi eqala ukubusa. Esebuse iminyaka emibili kwa-Israyeli,