UBheni Hadadi wathumela kuyo, wathi: “Onkulunkulu mabenze kanjalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lweSamariya lungeke lugcwale isandla kulowo nalowo muntu ongilandelayo.”
UEksodusi 11:8 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma.’ ” Waphuma kuFaro evutha ulaka. Contemporary Zulu Bible 2024 Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo, mina-ke ngiyakusuka. Wasuka kuFaro ngolaka olukhulu. |
UBheni Hadadi wathumela kuyo, wathi: “Onkulunkulu mabenze kanjalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lweSamariya lungeke lugcwale isandla kulowo nalowo muntu ongilandelayo.”
Inkosi yakwa-Israyeli, eyakwaJuda, neyakwa-Edomi, asuka ahamba ngendlela ethathelayo eyawathatha izinsuku eziyisikhombisa. Kwakungekho manzi amabutho nawemfuyo ababehamba nakho.
Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”
Ngiyakubadlisa abakucindezelayo, inyama yabo, badakwe yigazi labo kube ngathi bekuyiwayini elimnandi; abantu bonke bayokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, uMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”
Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.
Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.
UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
Yebo, zonke izizwe ziyothi: ‘USimakade wenzeleni kanje kuleli lizwe na? Kungani ukuvutha kwalolu laka kukukhulu kangaka na?’
bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.
Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.
Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.
UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.
Wayesethi kubantu baseSukhothi: “Ngiyanicela, ake ninike laba abangilandelayo izinkwa, ngokuba bakhathele, futhi ngisalandela uZebha noZalimuna, amakhosi akwaMidiyani.”