Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.
UEksodusi 10:11 - IsiZulu 2020 Phinde neze! Hambani nina madoda niyokhonza uSimakade, ngokuba yilokho enikucelileyo.” Base bexoshwa phambi kukaFaro. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kungabi njalo; hambani nina madoda nimkhonze uJehova, ngokuba yikho enikufunayo.” Base bexoshwa ebusweni bukaFaro. Contemporary Zulu Bible 2024 Akunjalo; hambani manje, nina bantu, nikhonze uJehova; ngalokho obukufisayo. Futhi baxoshwa ebusweni bukaFaro. |
Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho.
Wayesethi kubo: “USimakade makabe nani-ke, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu: sekuyacaca ukuthi kukhona okubi enikuhlosile.
UFaro wathi kuye: “Suka phambi kwami! Qikelela ukuba ungaphinde ubone ubuso bami, ngokuba ngosuku oyobubona ngalo ubuso bami, uyokufa.”
Kepha inkosi yaseGibhithe yathi kubo: “Mose no-Aroni, nibasuselani abantu emisebenzini yabo na? Hambani niye emisebenzini yenu.”