Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.
UDuteronomi 9:27 - IsiZulu 2020 Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo, Contemporary Zulu Bible 2024 Khumbula izinceku zakho, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ungabheki inkani yalaba bantu, nobubi babo, nesono sabo. |
Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.
Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.
Lapho uSimakade eseningenisa ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaHivi, nelamaJebusi, afunga ngalo koyihlomkhulu ukulinika nina, izwe elichichima ubisi noju, niyokuyigcina le nkonzo ngale nyanga.
“Hamba uqoqe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘USimakade, uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe uzibonakalisile kimi, wathi: “Ngikubonile konke okwenziwa kini eGibhithe,
Wayesethi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.” UMose wafihla ubuso bakhe, ngokuba wayesaba ukubheka uNkulunkulu.
Khumbula u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, izinceku zakho owazifunga Wena kuzo, wathi: ‘Ngiyokwandisa izizukulwane zenu zibe ngangezinkanyezi zezulu, ngizinike lonke leli lizwe enganethembisa lona, libe yifa lazo kuze kube phakade.’ ”
Olungileyo uyayibhekisisa indlu yomubi; izikhohlakali ziqumbeka phansi, zibhubhe.
Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasephuli isivumelwano sakho nathi.
Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.
ngiyakusikhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abhrahama. Ngiyakusikhumbula, ngilikhumbule nezwe.
Ngenxa yabo ngiyosikhumbula isivumelwano nokhokho babo engabakhipha eGibhithe phambi kwezizwe, ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguSimakade.’ ”
Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.
funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Kwaba ngenxa yokuba uSimakade wayengakwazi ukubangenisa ezweni ayebathembise lona, futhi ebazonda; ubakhiphile ukuze ababulalele ehlane.”
Inkosi yami mayingabeki inhliziyo yayo kulo muntu okhohlakele, uNabali, ufuze igama lakhe, unjalo nje yena; nguNabali igama lakhe, uyisiwula. Kepha mina ncekukazi yakho angizibonanga izinsizwa zenkosi yami eyayizithumile.