Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.
UDuteronomi 9:17 - IsiZulu 2020 Ngazithatha izibhebhe ezimbili, ngazilahla phansi ngazo zombili izandla zami, ngazephula phambi kwamehlo enu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngathatha-ke izibhebhe zombili, ngazilahla ezandleni zami zombili, ngazaphula phambi kwamehlo enu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngithatha amatafula amabili ngawalahla ezandleni zami zombili, ngawaphahlaza phambi kwamehlo enu. |
Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.
Ngabona ukuthi nempela, nanonile kuSimakade uNkulunkulu wenu; nanizenzele ithole elibunjiweyo, naphambuka ngokushesha endleleni uSimakade ayeniyale ngayo.
“Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa.