Ngakho-ke mabakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika okhokho bethu.
UDuteronomi 8:6 - IsiZulu 2020 “Uyoyigcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokuba umesabe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho wogcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe. |
Ngakho-ke mabakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika okhokho bethu.
bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.
Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.
Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”
Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe.
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uzakukungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana enamanzi, imithombo, namanzi aphuphuma ezinzulwini, ageleze ezigodini nasezintabeni,
Yesabani uSimakade Yena yedwa, nimkhonze ngeqiniso, ngenhliziyo yenu yonke, nikhumbule izinto ezinkulu anenzele zona.