UDuteronomi 8:20 - IsiZulu 2020 Niyobhubha njengezizwe uSimakade azibhubhisa phambi kwenu, ngokuba ningalilalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengezizwe uJehova azenza ukuba zibhubhe phambi kwenu, kanjalo niyakubhubha nani, ngokuba naningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu. Contemporary Zulu Bible 2024 Njengezizwe uJehova azichitha phambi kwenu, niyakubhubha kanjalo; ngoba awulilalelanga ilizwi le Nkosi uNkulunkulu wakho. |
Nokho abazange bangilalele, abayibekanga indlebe yabo kimi, kodwa bazenza lukhuni izintamo zabo; benza okubi ukwedlula okhokho babo.’
Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.
“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Leli yiJerusalema, ngilibeke phakathi kwezizwe, lahaqwa ngamazwe.
Insali yabakini iyogcugca iphelele ezweni lezitha zenu, nazo ziyobhubha ngenxa yobubi boyise.
ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.
kodwa nibambelele niqine kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba nenzile kuze kube namuhla.