UDuteronomi 7:5 - IsiZulu 2020 Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakubaphatha kanje: niyakudiliza ama-altare abo, niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera* babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa nansi indlela okufanele niziphathe ngayo; niyakudiliza ama-altare abo, nidilize izithombe zabo, nigawule iziqu zemithi yabo engcwele, nishise izithombe zabo ezibaziweyo ngomlilo. |
AmaFilisti abashiya lapho onkulunkulu bawo, uDavide wathi mababashise ngomlilo.
Wasusa ama-althare abezizwe ezindaweni eziphakemeyo, wabhidliza izinsika, wagawula nezingongolo zo-Ashera,
Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.
Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, waligaya lacoliseka laba luthuli, waluvuvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantu bakwa-Israyeli.
Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.
Abasayukuwanaka ama-althare abo, umsebenzi wezandla zabo, abasayukuwubheka kulokho okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-althare empepho.
“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.
“Ungazigxumekeli insika ka-Ashera yanoma luhlobo luni lwesihlahla eceleni kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho oyakuzakhela lona.
Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.
Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.