“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.
UDuteronomi 7:22 - IsiZulu 2020 USimakade uNkulunkulu wakho uyozixosha lezi zizwe phambi kwakho kancane kancane; awuyukwazi ukuziqeda masinyane, funa izilwane zasendle zande zibe ziningi kunani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe phambi kwakho kancane kancane, ungaziqedi masinyane, funa izilwane zasendle zande ngaphezu kwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe kancane kancane phambi kwakho; ungakudli masinyane, funa izilo zasendle zande phezu kwakho. |
“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.
Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.