Bayakuthatha ingxenye yegazi balibhece ezinsikeni zombili zomnyango, nasemakhothameni eminyango yezindlu abayakudlela kuzo.
UDuteronomi 6:9 - IsiZulu 2020 Ubowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ulilobe ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho. |
Bayakuthatha ingxenye yegazi balibhece ezinsikeni zombili zomnyango, nasemakhothameni eminyango yezindlu abayakudlela kuzo.
Hamba manje, ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuze kuthi ngesikhathi esizayo kube ngubufakazi baphakade.
Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika, wangifulathela, wazembulela omunye kunami, wakhwela embhedeni wakho, wawandisa, wavumelana nabo, wayithanda imibhede yabo, wabuka ubuntu babo.
USimakade wangiphendula wathi: “Bhala phansi umbono, uwenze ucace ezibhebheni ukuze owufundayo asheshe nawo.
Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.