UDuteronomi 6:25 - IsiZulu 2020 Kuyakuba ngukulunga kithi, uma siqaphela ukuyenza yonke le miyalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, njengalokhu esiyalile.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina nokuyenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho eyalile kithi. |
Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe.
futhi ehamba ngezimiso zami, egcina izehlulelo zami ukuze enze iqiniso; ungolungileyo, impela uyakuphila nokuphila,” kusho iNkosi uSimakade.
Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.
Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.
lokhu bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, bafuna ukumisa okwabo ukulunga; abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.
Kepha umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa lowo owenza zonke lezi zinto uyakuphila ngazo.
kepha uyakukubuyisela impela kuye okuyisibambiso ekushoneni kwelanga, ukuze alale ngengubo yakhe, akubusise. Lokho kuyokuba ukulunga kuwe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.