bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze.
UDuteronomi 5:27 - IsiZulu 2020 Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe, sikuzwe, sikwenze.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Sondela uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu azakutsho; ukhulume kithi konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe; futhi siyakuzwa, sikwenze. |
bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze.
Bonke abantu baphendula ngazwi linye, bathi: “Siyokwenza konke uSimakade akushilo kithi.” UMose wabuyisela kuSimakade wonke amazwi ayekhulunywe ngabantu.
Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.
Bathi kuMose: “Khuluma wena nathi, siyakukulalela, kodwa uNkulunkulu makangakhulumi nathi, funa sife.”
UMose weza watshela abantu wonke amazwi kaSimakade nezehlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Wonke amazwi uSimakade awakhulumile sizowenza.”
Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi.
Siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye, noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle, siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”
ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na?
“USimakade wawezwa amazwi enawakhuluma kimi; uSimakade wayesethi kimi: ‘Ngiwezwile amazwi alaba bantu, abawakhulume kuwe; basho kahle konke abakukhulumile.
nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,
Abantu bathi kuJoshuwa: “Siyomkhonza uSimakade uNkulunkulu wethu, silalele izwi lakhe.”