Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 5:24 - IsiZulu 2020

nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nathi: ‘Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi nathi: Bhekani, uJehova uNkulunkulu wethu usesenze sabona inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, futhi sizwile izwi lakhe livela emlilweni; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nomuntu, aphile.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 5:24
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”


Laphuma ilanga lapho edlula ePheniyeli, eqhuga ngenxa yokubhinyika inyonga.


Lapho umsindo wecilongo wawulokhu uzwakala kakhulu ungathuli, uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.


USimakade wathi kuMose: “Uyakusho lokhu kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Nizibonele ukuthi ngikhulume nani ngisezulwini.


Wathi: “Awunakububona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona qede aphile.”


Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.


ngokuba ngiyomemezela igama likaSimakade: ngimnike udumo uNkulunkulu wethu.


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?


“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zezizwana zenu namalunga enu,


Pho siyakufelani na? Leli kloba liyakusiqeda. Uma sibuye salizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu, siyokufa,


UManowa wathi kumkakhe: “Impela sizokufa ngokuba sibone uNkulunkulu.”