“Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle.
UDuteronomi 4:8 - IsiZulu 2020 Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na? Contemporary Zulu Bible 2024 Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka kini namuhla na? |
“Wehlela entabeni iSinayi, wakhuluma nabo usezulwini. Wabanika izehlulelo ezilungileyo, imithetho eliqiniso, izimiso nemiyalelo emihle.
Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.
Ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi, umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho.
Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
Kwaba kuhle kuSimakade ngenxa yokulunga kwakhe, ukuba aphakamise umthetho wakhe, awenze uhlonipheke.
Noma ngimlobele okuningi komthetho wami, kodwa lokho bakubona njengento abayeshwamayo.
Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu.
ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, ngegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho, njengokusho kwakhe.”