UDuteronomi 4:11 - IsiZulu 2020 “Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye. Contemporary Zulu Bible 2024 Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo waze wayongena phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye. |
Emva kokuzamazama komhlaba, kwaba khona umlilo, kodwa wayengekho uSimakade emlilweni. Emva komlilo, kwaba nezwi elincane elihlebezayo.
Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.
USimakade wakhuluma kini ephakathi emlilweni; nezwa izwi likhuluma, kodwa anibonanga simo, nezwa izwi kuphela.
“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zezizwana zenu namalunga enu,