USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso.
UDuteronomi 34:12 - IsiZulu 2020 nangazo zonke izenzo zamandla, nezinto ezesabekayo uMose azenza phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli bebuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 nangaso sonke leso sandla esinamandla nakukho konke ukwesabeka okukhulu uMose akubonisayo phambi kwamehlo ka-Israyeli wonke. |
USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso.
Akekho owayengalinganiswa naye ngazo zonke izibonakaliso nezimangaliso uSimakade amthumela ukuba azenze eGibhithe, kuFaro, kuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke,
Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?
Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi: