Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 32:39 - IsiZulu 2020

“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bhekani manje ukuthi ngiyilokhu nokuthi akakho unkulunkulu ngaphandle kwami. Ngiyabulala, ngiphilise; ngiyalimaza, ngipholise, akakho ongophula esandleni sami.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 32:39
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”


“Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”


Kepha lokhu ukufihlile enhliziyweni yakho, ngiyazi ukuthi lokhu ubukusophile:


noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?


Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.


kepha Wena unguwe njalo, iminyaka yakho ayinasiphetho.


Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala, izizukulwane zabo ziyovikeleka phambi kwakho.”


Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade na? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu okhululayo, ukukhulula ekufeni kungokukaSimakade, iNkosi.


ngokuba Wena umkhulu, wenza izimangaliso, unguNkulunkulu, Wena wedwa.


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


UNkulunkulu wathi kuye: “Siphindisele esifubeni isandla sakho.” Wasiphindisela esifubeni sakhe. Kuthe lapho esesikhipha, habe, sesibuyele esimweni saso, sesifana nesikhumba sakhe.


isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;


USimakade uyolishaya iGibhithe, alishaye abuye aliphilise; bayobuyela kuSimakade, bamnxuse, abaphulukise.


Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.


Ngubani okwenzileyo lokhu, wakudala, wabiza izizukulwane kwasekuqaleni na? Mina, Simakade ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.”


“Ningofakazi bami,” kusho uSimakade, “nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye. Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami.


Ngishilo, ngasindisa, ngamemezela, ngesikhathi kungakabi bikho nkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu. Nina ningofakazi bami,” kusho uSimakade. “Mina nginguNkulunkulu.


Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?”


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


“Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.


Mina nginguSimakade, akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami; ngiyakukubhincisa noma ungazange ungazi,


Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


“Ngilalele, Jakobe, wena Israyeli, obiziweyo wami; ngisenguye, ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.


“Ngakho-ke phrofetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu, nina bantu bami, nginiyise kwa-Israyeli.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?” Ngathi: “Nkosi Simakade, nguWena owaziyo.”


Ngokuba Mina ngiyakuba njengebhubesi ku-Efrayimi, nanjengebhongo lebhubesi kuyo indlu kaJuda. Mina luqobo, ngiyakubadwengula, bese ngihamba; ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.


Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.”


NguSimakade kuphela owamqondisa, akukho nkulunkulu wabezizwe onaye.


“Wena wakuboniswa lokho ukuze wazi ukuthi uSimakade unguNkulunkulu, akekho omunye ngaphandle kwakhe.


Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Njengesembatho uyakuwasonga, ayakuguquka njengengubo, kodwa Wena unguye njalo iminyaka yakho ayiyukuphela.”


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


“Nakuyo ingelosi yebandla laseSimirna loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongowokuqala nowokugcina, owayefile kodwa osephila, uthi:


“USimakade uyabulala, bese ephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, bese enyusa.