Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 32:34 - IsiZulu 2020

Lokho akugciniwe yini kimi, kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Lokho akubekelelwe kimina, kunamathelisiwe engcebeni yami na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Akubekelwanga yini kimi, kwabekwa uphawu phakathi kwengcebo yami na?

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 32:34
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, bese usibekela ukona kwami.


Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.


Ngaloba incwadi, ngayisicilela, ngenza ukuba kube nofakazi, ngamkalela isiliva ngesilinganiso.


“Ngabe impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, nina nokhokho benu, namakhosi enu, nezikhulu zenu nabantu bezwe, uSimakade akayikhumbulanga yini, yavuka enhliziyweni yakhe na?


Ububi buka-Efrayimi bulondoloziwe, isono sakhe siqoshiwe.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


Iwayini labo liyisihlungu sezinyoka, lingubuthi bemfezi.