UDuteronomi 32:32 - IsiZulu 2020 Umvini wabo ungumvini waseSodoma ovela emasimini aseGomora; izithelo zawo ziwubuthi, amahlukuzo awo amuncu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba umvini wabo ungumvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo amunyu; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umvini wabo ungowomvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zomvini zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo ayababa; |
Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.
Yini esafanele ukwenziwa kuso engingayenzanga kuso na? Kungani ukuba ngithi ngilindele ukuthi sithele izithelo zomvini, sona sathela izithelo zasendle na?
Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?
Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”
Ukona kwendodakazi yabantu bami, kungaphezu kwesono seSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungengazandla zamuntu.
Kepha ngithi kini: kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma ngosuku lokwahlulela kunakuwe.”
funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,
Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.