Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 32:30 - IsiZulu 2020

Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Inkulungwane iyakubaleka kanjani, nezinkulungwane ezimbili eziyishumi zingabaleka, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebavalile na?

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 32:30
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.”


Basuka kuhwalala, baya enkanjini yabase-Aramu; sebefike emaphethelweni enkambu yabase-Aramu, bafica kungekho muntu lapho.


Laba kwakungabozalo lukaGadi ababeyizinhloko zempi: omncinyane kubo wayelingana nekhulu, omkhulu elingana nenkulungwane.


Nakuba impi yase-Aramu yayize neviyo elincane, uSimakade wanikela esandleni sayo impi enkulu kakhulu, ngokuba uJuda neJerusalema babemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. UJowashi bamehlulela.


Uma edlula, avalele, abizele ekwehluleleni, ngubani ongamvimba na?


UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo, ungiphonse esandleni sezikhohlakali.


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso.


Inkulungwane iyakubaleka isongelwa ngoyedwa; kuthi ngokusongelwa ngabayisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe ninjengensika esiqongweni sentaba, nanjengebhanela phezu kwegquma.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Nathengiswa ngento engelutho; niyakuhlengwa ngaphandle kwemali.”


Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu.


Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.


Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


“Akekho ongcwele njengoSimakade, akekho noyedwa ngaphandle kwakho; alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.