Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
UDuteronomi 32:12 - IsiZulu 2020 NguSimakade kuphela owamqondisa, akukho nkulunkulu wabezizwe onaye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova yedwa wamhola, akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye. Contemporary Zulu Bible 2024 Kanjalo uJehova yedwa wamqondisa, kwakungekho nkulunkulu wezizweni kanye naye. |
Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
Simakade, ngifundise indlela yakho, ungihole endleleni ehlelembekile ngenxa yezitha zami.
Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula
Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
Njengezinkomo zehlela ethafeni, uMoya kaSimakade wabaphumuza. Wabahola kanjalo abantu bakho, ukuze uzenzele igama elimangalisayo.
Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla.
Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’
“ ‘Bonani manje ukuthi Mina, yebo, Mina Nginguye, akekho unkulunkulu ngaphandle kwami; Mina ngiyabulala, ngibuye ngiphilise, ngilimaze, futhi ngipholise; akekho ongabahlenga esandleni sami.
“Wena wakuboniswa lokho ukuze wazi ukuthi uSimakade unguNkulunkulu, akekho omunye ngaphandle kwakhe.
“Yazi namuhla, ukufake enhliziyweni yakho ukuthi uSimakade unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akekho omunye.
ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.