kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”
UDuteronomi 30:15 - IsiZulu 2020 “Bheka, ngibeka namuhla phambi kwakho, ukuphila nenqubekela phambili, ukufa nokubi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi, Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ngibekile namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, nokufa nokubi; |
kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”
“Uyakuthi kulaba bantu: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa.
Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.
Wena muntu, uSimakade ukutshelile ukuthi kuyini okuhle, nokuthi uSimakade ufunani kuwe, ukuthi wenze ubulungiswa, uthande ukwethembeka, uhambe ngokuthobeka kanye noNkulunkulu wakho.
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
“Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,
Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.
“Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho,
Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”
Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.