Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 30:13 - IsiZulu 2020

Futhi awuphesheya kolwandle ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakusiwelela aye phesheya kolwandle, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi awuphesheya kolwandle ukuba nithi: ‘Ngubani oyakusiwela ulwandle asilethele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 30:13
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunobucwebecwebe, akukho lutho olunye olufiswayo olungaqhathaniswa nakho.


Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Athi: “UKhorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, futhi enegama elihle esizweni sonke sabaJuda, uyalwe yingelosi engcwele ukuba akubize, uye endlini yakhe, ukuze ezwe amazwi avela kuwe.”


“Ngase ngithumela kuwe khona manjalo; wenze kahle-ke wafika. Manje sesilapha sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.”


Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’


Kodwa, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.