Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 3:5 - IsiZulu 2020

Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo, namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Yonke le mizi ibizungezwe ngezingange eziphakeme, namasango, nemigoqo; eduze kwamadolobha angenazindonga amaningi.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 3:5
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Banqoba imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo; badla izindlu ezigcwele yonke into enhle, imithombo embiweyo, izivini, amasimu emikhiwane nezithelo eziningi ezidliwayo. Badla, basutha, banonophala, bawuthokozela umusa wakho omkhulu.


Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.


Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akwaze kwasala muzi esingawudlanga: kwakuyimizi engama-60, sonke isifunda i-Arigobhi nombuso ka-Ogi eBhashani.


Sayibhubhisa yaphela nya, njengalokhu senza kuSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, sayishaya sayiqothula yonke imizi enamadoda, abesifazane, nezingane.


Ngokukholwa, zawa izingange eJerikho emva kokuzungezwa izinsuku eziyisikhombisa.


namagundane egolide ayeyinani lemizi yonke yamaFilisti eyayibuswa ngamakhosi ayisihlanu, imizi eyizinqaba ebiyelwe nemizana engabiyelwe. Itshe elikhulu lapho kwabekwa khona umphongolo kaSimakade, lingubufakazi ensimini kaJoshuwa waseBhethi Shemeshi, kuze kube namuhla.