“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.
“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.
Bese nigcina amazwi alesi sivumelwano niwenze, ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.
Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho.
UJuda wonke wayemi phambi kukaSimakade kanye nezingane zabo, omkabo nabantwana babo.
Kuyo yonke imisebenzi ayiqalayo uHezekiya eyenzela indlu kaNkulunkulu, umthetho nemiyalo, ukuze afune uNkulunkulu wakhe ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.
Zonke izindlela zikaSimakade ziyisihawu nokwethembeka kulabo abagcina isivumelwano sakhe, nobufakazi bakhe.
Bayakubuza indlela eya eZiyoni, bebhekise amabombo abo kulo, bethi: wozani nizihlanganise noSimakade ngesivumelwano saphakade esingenakulibaleka.
Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.
“Namuhla nimi nonke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, izizwana zenu, amalunga enu, izinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,
Qoqa abantu: abesilisa, abesifazane, abantwana, nomfokazi osemzini wakho ukuze bezwe, bafunde, bamesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, baqikelele ukwenza wonke amazwi alo mthetho,
Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’
USimakade akasenzanga lesi sivumelwano nobaba, wasenza nathi, thina sonke esilapha, esisaphila namuhla.
Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.
Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.
UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.
UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.