UDuteronomi 29:7 - IsiZulu 2020 “Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba, Contemporary Zulu Bible 2024 Senifikile kule ndawo, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani baphuma ukulwa nathi, sabahlula; |
“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni, umAmori inkosi yaseHeshibhoni, nezwe lakhe: qala ukulidla ngokuba ulwe naye empini.
USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela kithi, samnqoba, yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.
“Leli lizwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini i-Arinoni, nengxenye yelezintaba kwaGileyadi, nemizi yalo, sakunika abakwaRubeni nabakwaGadi.
Ingxenye esele yakwaGileyadi, nalo lonke iBhashani, umbuso ka-Ogi, lokho ngakunika ingxenye yesizwana sakwaManase, sonke isifunda i-Arigobhi neBhashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.