Basuka kuhwalala, baya enkanjini yabase-Aramu; sebefike emaphethelweni enkambu yabase-Aramu, bafica kungekho muntu lapho.
UDuteronomi 28:7 - IsiZulu 2020 “USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; bayakuphumela kuwe ngandlelanye, bakubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. |
Basuka kuhwalala, baya enkanjini yabase-Aramu; sebefike emaphethelweni enkambu yabase-Aramu, bafica kungekho muntu lapho.
UJehoshafathi wahlala eJerusalema, kodwa kamuva wabuye waphuma wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBheri Sheba kuya kwelezintaba kwa-Efrayimi; wababuyisela abantu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.
“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.
“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?
UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.
Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.
Abanye baphuma emzini babhekana nabo. Ngaleyo ndlela abakwa-Israyeli babavimbezela nxazonke bababulala, akwaze kwasinda muntu.