Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’
UDuteronomi 28:53 - IsiZulu 2020 “Uyakudla isithelo sesibeletho sakho, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuhlaselweni, izitha zakho eziyakukuhlasela ngakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakudla isithelo sesisu sakho, inyama yamadodana akho namadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona, ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zakho eziyakukucindezela ngakho. |
Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’
“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?
Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.
Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.
“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.
Umuntu onokulunga phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, kumkakhe amthandayo, nakuyo insali yabantwana bakhe.
Akayukunika namunye inyama yabantwana bakhe ayobe eyidla, ngokuba kungekho naye okumsalele ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo wonke amasango akho.
umzanyana ophuma phakathi kwemilenze yakhe, nabantwana bakhe ayokubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ngenxa yokuswela kwakhe lapho evinjezelwe, exinwe yizitha zakhe kuwo wonke amasango akho.