UDuteronomi 28:2 - IsiZulu 2020 Zonke lezi zibusiso ziyokwehlela kuwe, kube ngezakho, uma ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Zonke lezi zibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho. |
Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”
Isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla.
“Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.
“Zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela kuwe, zikulandele, zikukhungathe, uze ubhujiswe, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, awuyigcinanga imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyala ngakho.
ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.