Awuyukulilandela iningi ekwenzeni okungalungile noma lapho wethula ubufakazi ecaleni, awuyukuzihlanganisa neningi ukuze uhlanekezele umthetho.
UDuteronomi 27:19 - IsiZulu 2020 “ ‘Makaqalekiswe ohlanekezela isehlulelo kongumfokazi, intandane, nongumfelokazi.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Uqalekisiwe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nentandane, nomfelokazi. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen! |
Awuyukulilandela iningi ekwenzeni okungalungile noma lapho wethula ubufakazi ecaleni, awuyukuzihlanganisa neningi ukuze uhlanekezele umthetho.
Isikhohlakali semukela umfumbathiso ofihliwe, ukuze sihlanekezele izindlela zokwehlulela.
Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Izintandane nomfelokazi ubenzela ubulungiswa. Uyathanda umfokazi, umnika ukudla nezingubo.
“Awuyukuhlanekezela ubulungiswa lapho ubhekene nomfokazi noma intandane, futhi ungayithathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,