UDuteronomi 25:6 - IsiZulu 2020 Kuyothi izibulo alizalayo lime egameni lomfowabo ofileyo ukuze igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuthi izibulo alizalayo lilandele egameni lomfowabo ofileyo ukuba igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Izibulo alizalayo kumelwe liphumelele egameni lomfowabo ofileyo, ukuze igama lakhe lingacinywa kwa-Israyeli. |
U-Onani wayazi ukuthi abantwana abazalwayo ngeke babizwe ngaye, kwathi noma elala nomkamfowabo wayichithela phansi imbewu, ukuze angamvuseli umfowabo umuzi.
Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.
uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.
ngiyeke ukuze ngibabhubhise, ngilesule lishabalale igama labo phansi kwezulu, ngiyokwenza wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’