Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe, kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
UDuteronomi 25:4 - IsiZulu 2020 “Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungayifaki isifonyo inkabi lapho ibhula ukolweni. |
Olungileyo uyayinakekela impilo yesilwane sakhe, kepha isihe sezikhohlakali siwulunya.
Uphoko alubhulwa ngesibhulo esibukhali, nesondo lenqola aliphendulwa phezu kwekhumini. Kodwa uphoko lushaywa ngenduku, nekhumini ngogongolo.
U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo, esithanda ukubhula okusanhlamvu; ngizomgaxa ijoka entanyeni yakhe enhle, u-Efrayimi ngimdonsise, uJuda alime, uJakobe azicubuzele amagade.