“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.
UDuteronomi 24:22 - IsiZulu 2020 Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibhithe; ngalokho ngiyakuyala ukwenza lokhu. |
“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.
kepha uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga lapho; ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.
Uma uvuna okwesivini sakho, awuyukukhothoza futhi, kodwa lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi.
“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.
Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.