“Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.
UDuteronomi 23:16 - IsiZulu 2020 Siyeke sihlale ngaphakathi kwakho endaweni esiyoyikhetha phakathi kweminye imizi yakho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Siyakuhlala kuwe phakathi kwakho endaweni esiyakuyikhetha phakathi kwelinye lamasango akho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Izahlala lani phakathi kwenu, endaweni ezayikhetha kwelinye lamasango enu, lapho ithanda khona kakhulu; ungamcindezeli. |
“Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.
Awuyukumcindezela umfokazi, uyayazi inhliziyo yomfokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.”
Ungamqoli ompofu ngoba ubona ubuphofu bakhe; ungamcindezeli ohluphekile esangweni,
ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,
Ningacindezeli abafelokazi, izintandane, abafokazi, nabampofu. Kungabi bikho odlinzela omunye okubi enhliziyweni yakhe.’
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?