Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuSimakade, ngenxa yalezo zinengiso, uSimakade uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho.
UDuteronomi 22:5 - IsiZulu 2020 “Owesifazane akanakugqoka izinto zabesilisa, nowesilisa makangayigqoki ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo owenza lokho uyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Owesifazane angagqoki okwendoda, nendoda ayiyigqoki ingubo yowesifazane; ngokuba bonke abenza lokhu bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. |
Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuSimakade, ngenxa yalezo zinengiso, uSimakade uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho.
“Awuyukubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, bese wena ungenzi lutho; uyomsiza impela ukukuvusa.
“Uma uzithela esidlekeni senyoni endleleni, siphambi kwakho emithini noma siphansi, sinamaphuphu noma amaqanda, unina efukamele amaphuphu noma amaqanda, awuyukumthatha unina namaphuphu.