Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 21:14 - IsiZulu 2020

Kepha uma ungenelisekile ngaye, uyomkhulula ahambe aye lapho ethanda ukuya khona; impela awuyukuthengisa ngaye ngemali, awuyukumphatha njengesigqila, ngokuba umthele ngehlazo, walala naye.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha uma ungathokozi ngaye, womyeka ukuba ahambe, aye lapho ethanda khona; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali, ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi uma ungathokozi ngaye, kumelwe umyeke aye lapho ethanda khona; kodwa ungamthengisi neze ngemali, ungamenzeli ukuhweba, ngokuba umphoxile.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 21:14
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


“Uma indoda inabafazi ababili, omunye eyintandokazi, omunye eyisaliwakazi, bayizalele amadodana, bese kuthi indodana eyizibulo ibe ngeyalowo oyisaliwakazi,


ayihlawulise amashekeli esiliva ayikhulu, awanike uyise wentombi, ngokuba ukhulume kabi ngentombi yakwa-Israyeli. Iyakuba ngumkakhe; akayukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


indoda ebilale nentombi iyonika uyise wentombi amashekeli esiliva angama-50, bese iba ngumkayo, ngokuba iyonile. Ayiyukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwayo.


Bhekani, nansi indodakazi yami, eyintombi, nesancinza sale ndoda, ngizakukhipha bona, nenze kubo noma yini eniyibona ilungile emehlweni enu, kodwa kule ndoda, aniyukubenza lobu buwula obuyihlazo.”