Ngase ngithi kuye: “Uyakuhlala nami izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowenye indoda, nami ngiyakwenza kanjalo kuwe.”
UDuteronomi 21:13 - IsiZulu 2020 akhumule izingubo zakhe zokuthunjwa; uyohlala endlini yakho, alilele uyise nonina inyanga yonke, andukuba uye kuye ulale naye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE akhumule izingubo zokuthunjwa kwakhe, ahlale endlini yakho, akhalele uyise nonina inyanga yonke, andukuba ungene kuye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe asuse ingubo yakhe yokuthunjwa futhi ahlale endlini yakho alilele uyise nonina inyanga yonke; emva kwalokho ungene kuye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho. |
Ngase ngithi kuye: “Uyakuhlala nami izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowenye indoda, nami ngiyakwenza kanjalo kuwe.”