Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 20:14 - IsiZulu 2020

Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 20:14
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala.


Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango,


Baphanga yonke impahla yabo, bathumba abantu nezilwane.


Abathunjwa nempahla ababeyidlile bakuletha kuMose no-Eleyazare, umphristi, nenhlangano yabakwa-Israyeli enkanjini emathafeni kwaMowabi angaseJordani, phesheya kweJerikho.


UMose wathi kuzo: “Ngabe nibasindisile bonke abesifazane na?


Kodwa wonke amantombazane angakayazi indoda, zigcineleni wona ephila.


Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango.


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


Sazithathela imfuyo nje yaba yimpango yethu, nalokho esakuphanga emizini esasiyinqobile.


Uyokwenza kanjalo kuyo yonke imizi ekude nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.


Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.


wathi kubo: “Buyelani emathendeni enu nengcebo eningi, nemfuyo eningi, nesiliva, igolide, ithusi, insimbi, nezimpahla eziningi, nabelane nabafowenu impango eniyithathe ezitheni zenu.”


Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”